Usendleleni ehambayo oyisitobha seSuperSport United uBuhlebuyeza Mkhwanazi owala ukhasha ukugomela iCovid-19.
ISuperSport isiqoke ukungayivuseleli inkontileka kaMkhwanazi ephelayo ngomhlaka 30 Juni.
UMkhwanazi (32) uyiqale kahle isizini engomunye wabadlali abazitamuzela isikimu kodwa izinto zishintshe ngesikhathi lomdlali esenqaba ukugomela iCovid-19, okuwumgomo obekelwe wonke amaqembu adlala kuDSTV Premiership.
Ukugoloza kukaMkhwanazi kuphoqe iqembu ukuthi limkhiphe esikwatini yize liqhubekile nokumholela imali yakhe.
Yize esedlale amahlandla angu-8 kulesizini, iSuperSport isiqoke ukungayeluli inkontileka yakhe. Mancane kakhulu amathuba okuthi uMkhwanazi athole iqembu elisha njengoba umthetho wePSL uphoqa amaqembu ukuthi agome bonke abadlali.