Ukuchithwa kwabadlali sekufikile eCamp Nou njengoba nesizini ka-2021/22 igoqwa namuhla.

Ukwakhiwa kabusha kweBarcelona ngaphansi kukaXavi Hernandez kuqale ngesikhathi ezovala isikhala sikaRonald Koeman maphakathi nesizini.

Ngokwamazwibela abhungwa eSpain, uXavi usekhombe inqwaba yabadlali angayifuni eqenjini lakhe.

URiqui Puig, Samuel Umtiti, Oscar Mingueza, Martin Brathwaite, Neto sebetshelwe eziqwini zamehlo ukuthi abasafuneki kwiBarca.

U-Adama Traore ubuyela kwiWolverhampton Wanderers kanti uLuuk de Jong ubheke kwiSevilla. Bobabili labadlali babolekwe ekuqaleni kwesizini.

Kuvela ukuthi iBarcelona izimisele ngokudayisa uSergino Dest, Memphis Depay noClement Lenglet uma kukhona amaqembu angabeka imali etafuleni.

Umqeqeshi uXavi ubengabasebenzisi kakhulu labadlali kulesizini.

IBarcelona, ezodlala neVillareal namuhla, isivele isiqinisekisiwe njengeqembu elizoqeda endaweni yesibili kwiligi.

UDani Alves ubuyela eBrazil uma kuphela isizini kanti akwaziwa ngekusasa lika-Ousmanne Dembele njengoba inkontileka yakhe iphela ngomhlaka 23 Juni 2023.