Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usephonsele unozinti omusha uRonwen Williams inselelo yokulwela ijezi njengoba ezolibanga nezinkakha uDennis Onyango noKennedy Mweene.
UMngqithi ubekhuluma emcimbini wokwethulwa kwesizini ka-2022/23 yeDSTV Premiership eRandburg ngoLwesine.
Lomqeqeshi uthe ukuqokwa kukanozinti oqala umdlalo kuyinto ehlolwa ejimini.
“Akusiwo umsebenzi wami noma omunye umqeqeshi ukugada onozinti. Abadlali yibona ababona kangcono. Imidlalo yethu iyasondelana, kunzima nokukhomba unozinti oyisethenjwa ngoba bonke ozoninti basezingeni.
UReyaad Pieterse wenze umsebenzi omuhle, uKennedy ukhona, uDenis useyinsika yeqembu. Siyawazi amagalelo kaRonwen. Umbango wejezi likanozinti uzoshuba kakhulu. Ukuqina kombango kuhle ngoba onozinti basebenza ngokuzikhandla,” kuchaza uMngqithi.