Oyisikhulu esiphezulu seSuperSport United uStanley Matthews usekuqinisekisile ukuthi isethenjwa sikanozinti uRonwen Williams usecele ukushiya eqenjini.

Ezinsukwini ezedlule, uWilliams (30) ukubeke obala ukuthi angakujabulela kakhulu ukuyodlala kwiMamelodi Sundowns ngesizini ezayo. Lonozinti ubemataniswa ne-Orlando Pirates kumasizini amabili adlule.

UWilliams ongukaputeni weBafana Bafana, waqala ukudlala kwiSuperSport ngo-2011 esuka kwinkulisa.

UMatthews uthi useyazi ngezinhlelo zikaWilliams zangesizini ka-2022/23, kodwa uzoxoxa nalonozinti uma esebuyile eMorocco njengoba esahambe neBafana eyodlala umdlalo wokuhlungela i-AFCON 2023.

“Angikaze ngikhulume noWilliams ngoba usekhempini neqembu lesizwe. Ngamtshela ukuthi ngizoxoxa naye. UWilliams wasitshela ukuthi usefuna amadlelo aluhlaza.

Angeke ngimsole, wafika eqenjini eneminyaka engu-12, usenqobe izindebe neqembu, ungukaputeni weBafana. Usekhulile nathi ngezinhlelo zakhe zokuthola iqembu elisha, sizomeseka uma kufika iqembu elimfanele,” kusho uMatthews obekhuluma nabePower FM.

Kungenzeka lonozinti ufuna ukuyodlala nobhululu bakhe abasayine kwiSundowns besuka kwiSundowns. UGrant Kekana, Aubrey Modiba, Tebogo Mokoena noSipho Mbule basayine kwiSundowns besuka kuMatsatsantsa.

“Alikho iqembu eselixhumane nathi lifuna uMbule, asikaze sikhulume noMbule. Kufanele ngikhulume naye kuqala. Ngesonto eliphelile besikhuluma ngokulahlekelwa umqeqeshi uKaitano Tembo nokuzama ukungena kwiTop 8.

Izingxoxo zabadlali bezibekwe eceleni, naye uRonwen uyakwazi lokho ngoba kudingidwa ekupheleni kwesizini. Izinguquko ezikhona zizokwenzeka emasontweni alandelayo,” kusho uMatthews.