Owayengumdlali weKaizer Chiefs uJunior Khanye usegqugquzele umdlali weChiefs osakhula uMfundo Vilakazi ukuthi afunde kumdlali we-Orlando Pirates uPatrick Maswanganyi ngendlela efanele yokushaya izitayela enkundleni.
UKhanye ubeke lo mbono ngemuva kwebhola elinenkosi elidlalwe wuMaswanganyi emdlalweni wabo neSuperSport United kwiMTN8. UMaswanganyi ube nesizini enhle kwiPirates ngesizini edlule okuholele ekutheni agcine esibizwa kwiBafana Bafana ngasekupheleni kwesizini.
Ngemuva kwezitayela ezigxekwe nxa zonke iChiefs ibulawa ngo 4-0, uVilakazi useyalelwe ukuthi abukele kwabanye abashaya izitatela ezilekelela iqembu.
“IPirates idlale kahle ngemuva kwemizuzu ewu-20 umdlalo uqalile, ikakhulukazi uMaswanganyi. Uma ubhekene neqembu eligqishe emuva udinga umdlali ozothusa abadlali, ozoshaya imijijo bebheke phambili. Ngicabanga ukuthi aboMfundo Vilakazi badinga ukufunda kuMaswanganyi ngoba benza umsebenzi ofanayo enkundleni.
“Kufanele abone ukuthi uTito akadlile ngesivinini, ushaya ngesinqumo asithathayo ebholeni. Uyajikana, athuse abadlali ngokwenza abangakulindele kodwa okusiza iqembu.
“Mina anginandaba nesikelemu sodumo ungenzi lutho okusiza iqembu.”
UKhanye uqhube wagcizelela ukuthi uVilakazi uwumdlali onekhono kodwa akakhuliswanga ngendlela efanele, kunezinto okusamele afunde ukuzenza enkundleni.