Umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter uthi usekulindele ngabomvu ukuthatha izintambo isizini egcwele kuMaZulu.

UTruter uthole isikhathi esanele sokuhlola iqembu ekhempini ngemuva kokwengezwa ngabadlali abangaphezulu kweshumi.

Lomqeqeshi uthi ukuqunga kukaMengameli weqembu uSandile Zungu uma esayinisa abadlali kuyamjabulisa.

“Angeke ngikhulume ngomqeqeshi wakudala nethimba lakhe. Sekuyabonakala ukuthi uMengameli neqembu batheze kahle emakethe. Ngiphethe abadlali abasezingeni eliphezulu.

Kuyathembisa khona uma ubheka amagama abadlali kodwa izinto ziyajika enkundleni. Amagama awakuwineli imidlalo. Kufanele ngihlanganise abadlali abazotholana kahle, ngibafundise ibhola engilifunayo,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma nezintatheli eRandburg ngoLwesine.

AmaZulu asayinise uGabadihno Mhango noDumisani Zuma, okungabadlali abanerekhodi lokuhluleka ukuziphatha ngendlela emaqenjini abathengwe kuwo.

UTruter uthi ulindele ukubona ukuzimisela kulabadlali ngoba uyalazi izinga labo.

“Anginayo inkinga nabadlali (Zuma, Mhango). UGaba noZuma baneme ejimini. UZuma uthintekile kancane. Bobabili baqhuba kahle.