Umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter uthi uzibekele umgomo omkhulu ukudlula umbandela awunikezwe abaphathi owokubeka iqembu kwiTop 4 ekupheleni kwesizini.
UTruter wanikezwa ngomunye umbandela wokunqoba noma eyodwa indebe kulesizini.
Lomqeqeshi uthi ufuna ukuwina iDSTV Premiership nenkomishi njengebhansela.
Iqembu limxhasile uBrakkies emakethe, lamthezela ubisi lwabadlali abasezingeni. Umdlali wokugcina osayiniswe uRamahlwe Mphahlele oyibamba emuva.
Iningi labadlali abasayiniswe yiqembu baqale ukubonakala emdlalweni weligi ngesikhathi Usuthu lubhekene neTS Galaxy.
“Ibhodi lilindele ukuthi ngifake iqembu kwiTop 4 ngiphinde nginqobe indebe eyodwa. Kufanele siwine iligi, lokho kuyisifiso sami esikhulu.
Kufanele ngizibekele umbandela ngoba ngizobhacaza uma ngingenzi kanjalo, ngizogcina sengilwela iTop 8. Ngifuna ukunqoba iligi, bonke abaqeqeshi kufanele bahlele ukunqoba iligi.
Isikwati sami sinabadlali abasezingeni, ngiyabaxolela ngoba bekuwumdlalo wokuqala. Abanye bebethukile, abanye ukhakhayi aluqinile kahle, Kukhulu esingakuzuza nalesi sikwati,” kubeka lomqeqeshi.