AmaZulu ashaye isitatimende esiqinile esayinisa izinjini zesisu uLarry Bwalya no-Ethan Brooks ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.

Ngesikhathi Usuthu luchitha abadlali abangu-15 emasontweni adlule, abathandi bebhola abaningi baqale ukushaya amakhala ngoMengameli weqembu uSandile Zungu nezinhlelo zakhe.

UBrooks noBwalya basayine oSuthwini olukhanda kabusha isikwati. AmaZulu asayinise uThendo Mukumela, Augustine Kwem, Dumisani Zuma, Riaan Hanamub noGabadihno Mhango.

Izingxoxo zisaqhuebka nabadlali ababili uNdabayithethwa Ndlondlo noBongani Makume.

UZungu uthi isikwati esibunjwa AmaZulu siqine ndawozonke, kuzoba nzima ukuthi sihlulwe. Ubekele umqeqeshi uBrandon Truter umbandela wokunqoba noma eyodwa indebe ngesizini ezayo.

“Kuzofana nokuthi siyizahluleki uma sihluleka ukunqoba indebe eyodwa ngesizini ezayo. Kufanele sibuyise indawo yethu ehloniphekile ebholeni laseNingizimu Afrika. Sifanelwe ukudlala kwiCAF, kuzoba yishwa ukungabuyeli khona.

Kufuneka sibuyela kwiCAF, izinhloso zeqembu zisobala. Umqeqeshi nethimba lakhe banejoka lokuqinisekisa ukuthi abadlali bayajwayelana enkundleni, banqobe nendebe,” kubeka uZungu.

AmaZulu agcina ukunqoba indebe ngo-1992, edla umhlanganiso kwiTelkom Knockout.