Umqeqeshi waMaZulu uBrandon Truter akamboni ezinhlelweni zakhe uThabo Qalinge osazilolonga neqembu.
Kuvela ukuthi uQalinge usanenkontileka neqembu yize wayefakwe ohlwini lwabadlali abachithwayo ngoJuni.
Indida iqale ngesikhathi uSection 10 esebonakala ejima neqembu leDSTV Diski Challenge eThekwini yize kwaziwa ukuthi usewumlando eqenjini.
Umthombo weGibela Sport usihlebele ukuthi uTruter ucele uMengameli uSandile Zungu ukuba angamsayinisi uQalinge ngoba akekho ezinhlelweni zakhe. Inkontileka kaQalinge iphela ngoJuni 2023.
Njengoba isizini ka-2022/23 izoqala kulempelasonto, a kwaziwa ukuthi uQalinge uzomisa kanjani odabeni lakhe.