Umqeqeshi we-University of Pretoria (Tuks) uTlisane Motaung unethemba lokuthi bazozibamba ziqine kumaPlay-Offs njengoba behleli esicongweni sekusele imidlalo emibili.
AmaTuks adlale ngokulingana ngo 0-0 neSwallows ngoMgqibelo eTuks Stadium.
AmaTuks neSwallows babambene ngamaphuzu amane esicongweni, amaTuks aphezulu ngomehluko wamagoli. ICape Town All Stars ibambe amabhuleki ekugcineni, isishaywe yomibili imidlalo.
“Ukudlala neSwallows bekunzima kakhulu. Bafuna ukuqhubeka nokudlala kwiDSTV Premiership, thina sifuna ukukhuphukela kwiligi. Bekungeke kube lula, kufanele ngibashayele ihlombe abadlali. Bazikhandlile emdlalweni, ukudlala ngokulingana kuwumphumela ongenelisayo,” kusho uMotaung.
Iqembu ngalinye lisalelwe imidlalo emibili kumaPlay-Offs. AmaTuks azodinga amaphuzu amane noma ayisithupha ukuze ezokhuphukela kwiDSTV Premiership. Ngesibalo samagoli sizosiza kakhulu njengoba belingana neSwallows ngamaphuzu.
UMotaung ubona iqembu lakhe lizomelana nengcindezi emidlalweni emibili ezayo.
“Kungenzeka sikhuphukele kwiDSTV Premiership, konke kulele ezandleni zethu. Umdlalo olandelayo usekhaya ne-All Stars, kuzoba nzima. Kufanele siqhubeke nokulwa, sizobona umphumela olandelayo,” kusho uMotaung.