Umdlali oyibamba emuva kwiMamelodi Sundowns u-Asekho Tiwani uthi bazolwa kuze kube sekugcineni ukuqinisekisa ukuthi bayafinyelela kowamanqamu weCAF Champions League kule sizini.
Kumasizini amabili edlule iSundowns iphume esigabeni sama semifinal kwiChampions League okuyisigaba abazobhekana kuso ne-Al Ahly namhlanje eLoftus Versfeld Stadium ngo 15:00 ntambama.
“Siyazi sinabadlali abasezingeni abanele abangabeka iqembu esigabeni esilandelayo,” kusho uTiwani ekhuluma nabezindaba.
“Sidinga ukuba sesimeni somqondo esifanele. Abantu kufanele bakulindele ukuthi sizolwa kuze kube sekugcineni. Ngicabanga ukuthi leChampions League inganqotshwa noma ubani [kwabasele].
“Kumele sikholwe nje silandele namaqhinga umqeqeshi awahlelile, konke kuzohamba kahle.”
I-Al Ahly ayikaze inqobe kuleli selokhu yaqala ukubhekana namaqembu aseNingizimu Afrika kwimiqhudelwano yeCAF.