Ukungaqiniswa kwesikwati seCape Town City akumxaki nakancane umqeqeshi u-Eric Tinkler oveze ukuthi ushoda ngabadlali ababili kuphela kulesizini.
ICape Town City izodlala kwimiqhudelwano emihlanu kulesizini okubalwa kuyo neCAF Champions League.
ICity isethubeni lokuqeda isizini nendebe noma eyodwa njengoba kukhona iDSTV Premiership, MTN 8, Nedbank Cup neCarling Black Label Cup.
Leliqembu lisasayinise abadlali ababili kuphela uMarc Van Heerden noJordan Bender. ULebonga Manyama uqale ukujima neCityzens ngesonto eledlule njengoba esalulama.
UTinkler uthi akafuni ukubumba isikwati esikhulu ngoba kunzima ukudlalisa bonke abadlali.
“Senze izinguquko eziningi ngoDisemba, sakhulula abadlali abayisikhombisa, sasayinisa abanye abasha. Angeke sisayinise abadlali abaningi emakethe.
Sithenge uJordan Bender. Simbone ngoDisemba, ubezozama inhlanhla kithi esuka kwi-Orlando City (US). Ungumdlali ohlakaniphile, okhanda amathuba, uyakwazi nokusebenzisa izinyawo zombili futhi uyawashaya namagoli.
Sifuna ukuqinisa ezindaweni ezimbalwa kuphela ngenhloso yokwengeza isikwati. Sisebenzise abadlali abangu-24 ngesizini ephelile, manje sinabadlali abangu-26, sifuna umdlali oyedwa. Angikholelwa esikwatini esikhulu ngoba kunzima ukudlalisa bonke abadlali,” kusho uTinkler ekhuluma nabezindaba eRandburg.
ICity idedele umgadli uTashreeq Morris kuphela kulesizini ephelile. UTinkler uthi kuyamjabulisa ukugcina iningi labadlali bakhe.
“Okungijabulisayo ukuthi sigcine isikwati sonke, kubalulekile lokho uma sifuna ukuqhubekela phambili ngoba siqede endaweni enhle ngesizini edlule. Sekufuneka siqhubekele phambili kulesizini ezoqala.
ULebo (Manyama) usijoyinile, uzama ukululama. Siyazi ukuthi ubelimele edolweni. Uzojima neqembu kulamasonto amabili alandelayo.
Sizozama ukumsiza alulame ngokugcwele, kunemidlalo yobungani esiyihlelile, sizothatha isinqumo uma sekufike imidlalo,” kusho lomqeqeshi.