Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler uthi ukuhamba kwabadlali abamqoka ngoJanuary kube yisibusiso esicashile njengoba bengakahlulwa nakowodwa umdlalo selokhu kuqale unyaka.

ICity idayise izethenjwa uSurprise Ralani noFagrie Lakay ngoJanuary. ULakay ulibangise eGibhithe kwiPyramids FC, uRalani wajoyina iMamelodi Sundowns kwiDSTV Premiership.

ICity iphinde yalahlekelwa uChris Ajagun ojoyine i-Al Hilal eSudan, u-Abubakar Mobara owadayiselwa AmaZulu no-Edmilson Dove owakhululwa kwinkontileka yakhe.

Leliqembu lavala izikhala ngabadlali abasebancane ababengaziwa, ngethemba lokuthi iqembu lizoqeda kwi-top 8 ekupheleni kwesizini.

Emidlalweni elishumi edlalwe yiqembu ngoJanuary, banqobe eyisithupha, badlala ngokulingana kwemine.

“Sasebenzisa ubuhlakani sithenga abadlali. Kuyenzeka abadlali bajwayele ngemuva kwesikhathi eside kodwa laba basheshile ukujwayela.

U-Ambina uneminyaka engu-20 kodwa udlala ngathi mdala. Wenze amaphutha ambalwa kodwa emuva uqinile. Uyakwazi ukudlala ngaphansi kwengcindezi, ungumdlali osize kakhulu,” kubeka uTinkler.

UTinkler ubekhuluma ngemuva komdlalo weligi beshaya iKaizer Chiefs eFNB Stadium. Lomphumela ubanyusele endaweni yesithathu kwiligi, basala ngephuzu esihlalweni esizobabeka kwiCAF Champions League.

“Abadlali ngibafakela ingcindezi ejimini, yilokho okushintshile. Uma uqhathanisa isiwombe sokuqala kulesizini kanye namanje, uyawubona umehluko ekuzinikeleni kwabadlali. Yileli ibhola engifuna silidlale. Angifuni ibhola elingaqondakali, okuyinto ebingenzeki esiwombeni sokuqala kulesizini. Ngibone kungcono ukushintsha izinto, noSihlalo wavumelana nami,” kubeka lomqeqeshi.