Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ukholwa ukuthi usevundule idayimane elingakaphucululwa kuPatrick Fisher oyibamba ophondweni emuva.

UFisher ubedlala esandleni sesinxele emuva emdlalweni weDSTV Premiership ezakhe zihlulwa iSwallows ngo 3-2 eDobsonville Stadium. UFisher ubeyibambe ngobunono enkundleni, ubungafunga ukuthi usengumakadebona esigabeni esikhokhelayo.

UFisher (19) uyibamba kwesokudla emuva kodwa ubeshintshiwe kulomdlalo. Indawo esesandleni sokudla idlalwa ukaputeni uThamsanqa Mkhize oseqala ukuguga.

UTinkler uthi UFisher uyena ozothatha indawo kaMkhize.

“UThami uyamhlonipha kakhulu uPatrick. Ubona uPatrick ezothatha indawo yakhe uma eseshiye eqenjini. Kuhle ukuba nokaputeni onjalo, ukhuluma njalo noPatrick, banobudlelwano obuhle,” kubeka uTinkler ekhuluma nabezindaba.

UFisher ubeqala ngqa ukudlala kwiDSTV Premiership. Umqeqeshi wakhe uchaze kabanzi ngekhono lakhe.

“Udlale esandleni sokunxele namuhla, ngicabanga ukuthi udlale kahle emizuzwini engu-65, engakaphazanyiswa ukukhathala.

Ubelibamba kahle ibhola, etholane kahle noDarwin enkundleni. Ubeshoshela phambili. Nasemuva ubeqinile. Uyakwazi ukufaka ingcindezi.

Ngibona ikusasa eliqhakazile kuPatrick, usebenza ngokuzikhandla, kumfanele ukuthola ijezi,” kubeka lomqeqeshi.