Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler usedalule ukuthi uKhanyisa Mayo uhambe kuleli qembu sekuvele kukhona umdlali ozovala isikhala sakhe.
UMayo, obengumshayimagoli ohamba phambili kwiCity ngesizini ka-2022/23 neka-2023/24, usayine neCR Belouizdad yase-Algeria ngoLwesihlanu.
UTinkler uveze ukuthi iqembu belingeke linqabe ukudedela uMayo.
“UMayo ushaye into ecokeme kumasizini amabili awahlale eqenjini. Lokho kuqubule imibiko ebimkhomba kwiMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs njalo ngesonto. Ngakubeka ngaphambilini ukuthi iqembu alisoze lanqaba nomdlali uma kuvela ithuba elingcono. Isimo esinjalo siyasihlonipha,” kubeka uTinkler ekhuluma nabezindaba emcimbini wokwethulwa kweMTN8.
UTinkler uthi baziqala kudala izinhlelo zokuqinisa ngabagadli.
“Abantu abaningi bacabanga ukuthi sibheka abadlali ngoba sezivala izikhala. Kudala saqala ukubheka abadlali abazoqinisa iqembu. Sibukisisa ukuthi bazokwazi yini ukungena esitayeleni sethu. Ukhona umdlali ozovala isikhala sikaMayo, unenkinga ye-visa okwamanje, yingakho engakwazi ukungena eNingizimu Afrika.
“Ngithemba ukuthi isimo sakhe sizolungiswa ngokushesha. UJody (Ah-Shene) uphakamise isandla selokhu efike eqenjini elikhulu, ukhombise ukukhula ngesikhathi siqhubeka ne-preseason. Ngijabule ngendlela adlala ngayo.
“Siqoke ukubolekisa ngoLuke Daniels ngoba usadinga ukudlala. Kukhona noPrince (Tijueza) obelimele, uzokwazi ukudlala njengomgadli. Zikhona izindlela zokuvala isikhala sikaMayo,” kuchaza uTinkler.
ICityzens izobhekana neBabina Noko koweMTN8 ozobanjelwa eNew Peter Mokaba Stadium ngoMgqibelo.