Umdlali weWest Ham United uKurt Zouma usethweswe amacala amathathu aqondene nokuhlukumeza ikati lakhe.

NgoFebruary, kwasabalala umfanekiso oqoshiwe kubonakala uZouma ekhahlela ephinde ededele ulabhabha wempama kwikati lakhe.

Umfowabo omncane kamsolwa uYoan Zouma, waqopha lesigameko, wasifaka ezinkundleni zokuxhumana. UYoan ubekwe amacala amabili.

UKurt Zouma usolwa ngokuzwisa ikati ubuhlungu, ngokulikhahela esiswini aphinde alishaye nasekhanda. Elinye icala elokuhluleka ukuvikela ikati ekulimaleni, ubuhlungu nesifo.

UYoan ubekwe icala lokusiza umfowabo ehlukumeza ikati, nokuhluleka ukuvikela ikati ekulimaleni nasezinhlungwini.

Inhlangano yezilwane iRSPCA yawathatha Womabili amakati KaZouma, yaqala uhlelo lokushushisa lomdlali ngoMashi.

Bobabili abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThales ngoLwesibili.