USihlalo weRichards Bay uSifiso ‘Jomo’ Biyela uthi izinhlelo zokubuyisa imidlalo yeRichards Bay FC eMhlathuze Sports Complex seziqalile, futhi bazomgcina nomqeqeshi uPitso Dladla.

IRich Boys, inqobe iGladAfrica Championship ngempelasonto eyedlule, yazibekisela ngendawo kwiDSTV Premiership ngesizini ka-2022/23.

Yize kuyizindaba ezinhle kwisifunda saseKing Cetshwayo namaphethelo, iRich Boys isingatha imidlalo yasekhaya eKing Zwelithini Stadium, eThekwini, okuyindawo eqhele ngamahora amabili eRichards Bay.

Kulonyaka, iBay inqatshelwe ukusebenzisa uMhlathuze Sports Complex ngesizathu sokuthi lenkundla ayikho ezingeni elifunwa iPremier Soccer League.

“Ngebhadi asikwazi ukusebenzisa uMhlathuze Sports Complex ngoba kunenkinga yokungalungiswa kwezinye izinto. Ngiyazi ukuthi uMasipala umatasa ulungisa lezonkinga. Ngingaqinisekisa ukuthi sizosingatha imidlalo yasekhaya eMhlathuze ngesizini ezayo,” kubeka uBiyela.

Lenkundla Ike yasingatha umdlalo omkhulu weNedbank Cup owawuphakathi kweThanda Royal Zulu ne-Orlando Pirates.

Ukungalungiswa kwengqalasizinda efana namalambu, amagumbi okushintshela kugcine sekuphoqa ukuthi iPSL ivale ukusebenza kwalenkundla.

UBiyela uthi bazomgcina umqeqeshi uDladla yize abezindaba bekhuluma okunye.

Kuyinto ejwayelekile ukuthi amaqembu achithe abaqeqeshi uma iqembu selikhuphukele esigabeni esiphezulu.

“Umqeqeshi uzoba yingxenye yeqembu ngesizini ezayo, naye uyakwazi lokho. I imenenja ezimbalwa zifafaza amanga ukuze zizotholela abanye abaqeqeshi umsebenzi. Ngiyalazi ukuphatha iqembu. Kukhona izimenenja ezisebenzisa abezindaba ukuze kuzoxoshwa umqeqeshi.

Ngiyaqinisekisa ukuthi umqeqeshi uzohola iqembu ngesizini ezayo. Labo abakhuluma lokho yibo abadumisa ukuthi iqembu liyadayiswa. Abantu bazikhulumela abakuthandayo,” kubeka uBiyela.