UKapteni weMamelodi Sundowns uThemba Zwane uthi uzokudlela amathambo engqondo ukuqeqesha uma esewabeke emgibeni amakhokho. 

UZwane (34), oyisethenjwa nakwiBafana Bafana, uthi ufuna ukudlulisela ulwazi kubadlali abasemazingeni aphansi. 

“Ngifisa ukusiza abadlali abasebancane, ngibadlulisele ulwazi nesipiliyoni enginaso. Ngicijwe abaqeqeshi abaningi abasezingeni eliphezulu kwiSundowns naseqenjini lesizwe eminyakeni eyedlule. 

“Ngiwabonile amaqhinga nokwehluka kwezitayela, into abafana ngayo ukuzikhandla emsebenzini abawenzayo,” kuchaza uZwane ecashunwa abezindaba.

UMshishi ubonga uyanconcoza ngethuba lokudlala nenkakha yeSundowns uSurprise Moriri, okunguyena owamcathulisa esafika eqenjini ngo-2011. 

“Ngaba nenhlanhla yokudlala nenkakha uSurprise Moriri. USurprise wayengatazeli uma esebhokisini lezitha, wayekwazi ukubamba ibhola isikhathi eside noma engaphansi kwengcindezi. Ibhola lakhe lalisezingeni eliphezulu,” kubeka uZwane.

UZwane uthi usaxhumana noMoriri, baxoxe ngebhola nokunye.

“Ngikhumbula ngisafika kwiMamelodi Sundowns ngo-2011, uSurprise wangicathulisa. Ngangisuka eqenjini elisesigabeni esiphansi kodwa uSurprise wangigqugquzela ethi angizikhandle ngoba kunzima ukudlala kwiPSL. 

“Usangifonela namanje, engichazele ngezinto okufanele ngikhuphule kuzo. Ngiyamhlonipha ngoba ungumuntu onenhliziyo enhle,” kusho uZwane.