Isinqumo sikaCristiano Ronaldo sokuhamba e-Old Trafford ngesikhathi asithandayo ngemuva komdlalo wobungani neRayo Vallecano asehlanga kahle kumqeqeshi u-Eric Ten Hag, osichaze njengesenzo esingavumelekile.

Kulomdlalo, uRonaldo ukhishwe ekuqaleni kwesiwmbe sesibili, indawo yakhe yathathwa u-Amad Diallo (20).

Akuphelanga nesikhathi esingakanani, uRonaldo wapakisha imithwalo yakhe wahamba enkundleni umdlalo ungakapheli. Umdlalo waphela ngo 1-1.

Kuvela ukuthi akusiyena yedwa uRonaldo ohambe enkundleni ngesikhathi asithandayo, bekukhona nabanye.

UTen Hag uthe isenzo sabadlali asamukelekile.

“Akwamukelekile okwenziwe abadlali. Ngiyakubeka kucace ukuthi akuvumelekile. Siyiqembu, siyimbumba. Kufanele sihlale ndawonye kuze kuphele umdlalo,” kubeka lomqeqeshi ecashunwa abeViaPlay Sport Nederland.

Emasontweni adlule, lomgadli watshela ibhodi leqembu ukuthi limkhulule ayosayina kwelinye iqembu elizodlala kwi-UEFA Champions League.

IManchester United iqede endaweni yesithupha kwiligi, okuchaza ukuthi izodlala kwi-UEFA Europa League.

URonaldo uke wadlala umacashelana neMan Utd enqaba ukuzojima ngezizathu zokufuna ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe.