Umqeqeshi weManchester United u-Erik Ten Hag uthe ukuhlulwa ngo 2-1 bebhekene neBrighton & Hove Albion kuyihlazo futhi kubabuyisela emuva beyiqembu.

UTen Hag uhlangabezane nembibizane emdlalweni wakhe wokuqala kwi-English Premier eshaya ekhaya e-Old Trafford. IBrighton ibiqala ngqa ukunqoba kulenkundla ngemuva kwemidlalo engu-15.

Kuyiwe ekhefini amaSeagulls ehamba phambili ngamagoli ashaywe uPascal Gross obevutha bhe emdlalweni.

I-United ibivika intulula yezinhlamvu ebeziqhamuka neBrighton njengoba ifike amahlandla angu-12 ebhokisini layo. I-United yona ifike kahlanu emapalini eBrighton esiwombeni sokuqala.

UTen Hag ukhulume nabeSky Sports ngemuva komdlalo, wakhala kakhulu ngodonga lwasemuva obeluvuza.

“Lomphumela uzosibuyisela emuva. Uyihlazo elibi, kufanele sikulungise lokhu. Bengilindele ukuthi izinto zibe nzima ngoba ukuqhamuka nohlelo olusha kuthatha isikhathi. Bekufanele senze kangcono.

Ngiwubhekisisile umdlalo, silahle amabhola amabili kalula. Besingahlelekile kahle emuva, senze iphutha elikhulu, kuyenzeka lokho, kuzofanele sifunde kukho.

Angijabule neze ngoba sihluliwe futhi nesidingo besingekho. Bekufanele sidlale kangcono. Nabadlali bekufanele benze okungcono,” kusho uTen Hag ekhuluma nabeSky Sports.

I-United iqale ukuhlasela kakhulu sekungene uCristiano Ronaldo esiwombeni sesibili, kwahlehla uChristian Eriksen obeyibambe phambili.

UTen Hag uthi ulindele okukhulu kuRonaldo uma esengumqemane.

“Sidlale kangcono esiswini ngesiwombe sesibili, u-Eriksen uhlehlile, kwanyuka uRonaldo. Sikwazile ukukhanda amathuba, uRashford uthole amathuba amabili, kuyishwa ukuthi sihlulekile ukulinganisa emdlalweni.

Kuzothatha isikhathi, angeke siphoqe izinto. URonaldo unesonto elilodwa ejimini. Kufanele ajime kakhulu ukuze ezoba umqemane, umdlalo uzomsiza kakhulu. Uzobe eselungile ngesonto elizayo,” kusho lomqeqeshi.

I-United izodlala neBrenrford emdlalweni wePremier League olandelayo ngoMgqibelo.