Umqeqeshi weSekhukhune United omusha uKaitano Tembo usezibekele umgomo wokufaka iqembu kwiTop 8 ngesizini ka-2022/23.

UTembo uqokwe njengomqeqeshi weBabina Noko ngoLwesithathu, uMacDonald Makhubedu wehliselwa esihlalweni sephini likamqeqeshi benoThabo Senong.

“Ngithanda ukubonga uSihlalo ngokunginikeza lelithuba lokuba yingxenye yeBabina Noko. Ngisendaweni engigqugquzela ukuthi ngenze kangcono. Iqembu liselisha, ngifuna ukuba yingxenye yokukhula kweqembu.

Lokho kuyangikhuthaza kakhulu, ngibone nginethuba lokwenza umehluko omkhulu eqenjini,” kusho lomqeqeshi ecashunwa i-website yeqembu.

UTembo uthi uchazwa ukuzimisela kwabadlali eqenjini, unethemba lokuthi iqembu lingenza kangcono ngesizini ezayo.

“Ngifuna iqembu lenze kangcono ukudlula isizini edlule. Iqembu liqhuba kahle kwazise libuya kwiNFD. Liqede kunombolo 11 ngesizini ephelile. Sifuna ukwenza kangcono, siqede kwiTop 8. Yilowo umgomo engizibekele wona.

Ukuzimisela okukhona eqenjini kungenze ngabona ukuthi singakwazi ukuqeda kwiTop 8. Ithimba labaqeqeshi liyazikhandla kakhulu, sinakho konke okudingakalayo ukuze siqede kwiTop 8. Sizifakele leyongcindezi kulesizini ezoqala,” kusho uTembo.