ISekhukhune United sivuse umqeqeshi omusha ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/23.

UKaitano Tembo usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiBabina Noko. UTembo uzoba ngumqeqeshi ozimele ngaphandle kokubambisana noMacDonald Makhubedu.

UMakhubedu noSenong bazoba amaphini kaTembo. ISekhukhune sixoshe u-Owen Da Gama ngesonto eledlule.

Ukusayina kukaTembo kuyisinqumo esiqinile kwiBabina Noko enqobe umdlalo owodwa vo esiwombeni sesibili seDSTV Premiership ngesizini ka-2021/22. Ekuqaleni kwesizini kwakubukeka sengathi iSekhukhune izoqeda kwiTop 8 kwazise yayishisa izikhotha.

UTembo uxoshwe yiSuperSport United ngo-Ephreli. Imfihlo yokusayina kwiBabina Noko iputshukile ngesonto eledlule.

“Ngithanda ukwamukela uKaitano Tembo emndenini weBabina Noko. Siyajabula ngokuba noTembo eqenjini lethu, sikholwa ukuthi uzokwazi ukusisiza siqhubekele phambili siyiqembu. Simfisela okuhle kodwa,” kusho uJonas Malatji Oyisikhulu seqembu.