Umqeqeshi weSekhukhune United uKaitano Tembo uthi uyayijabulela ingcindezi yokuqoka isikimu njengoba iqembu lakhe lihlome ngabagadli abane abasezingeni eliphezulu.
ISekhukhune isayinise inqwaba yabadlali okubalwa kubo obeyinyama emaqenjini uVictor Letsoalo, Tshegofatso Mabasa obolekwe kwi-Orlando Pirates noTashreeq Morris obekhululwe yiCape Town City.
IBabina Noko ibivele inaye umgadli uChibuike Ohizu oyishayele amagoli angu-8 kwiDSTV Premiership ngesizini ephelile. ULetsoalo ushaye amagoli angu-15 kwiligi, uMabasa noMorris bebesizwa ngendaba isikimu.
“Ngizophathwa yikhanda ngoba sinemidlalo eyisithupha kulenyanga. Mining imidlalo, kuhle ngoba nginabo abadlali. Ngifuna bahlale belungile abadlali uma benikezwa ithuba lokudlala.
Kuyinto enhle ukuqina kweqembu ngabadlali abafana noMabasa, no-Ohizu oshaye amagoli angu-8 ngesizini edlule. UMabasa uwashayile amagoli yize ebengasitholi isikimu kwiPirates. ULetsoalo ushaye amagoli angu-15 ngesizini ephelile, uyabona ukuthi siwaphethe amagoli eqenjini. Kufanele siqinisekise ukuthi iqembu liyimbumba,” kubeka lomqeqeshi ecashunwa abeSowetan.
UTembo uthe kungenzeka adlalise abagadli abathathu kweminye imidlalo ngoba indlela yabo yokudlala ayifani.
“Kukhona abagadli abakwaziyo ukudlala ndawonye. ULetsoalo engadlala kuzona zonke izindawo phambili. UMabasa udlala nezitobha, alinde ukuphaselwa ibhola.
Kukhona uTashreeq ohlukile kunabanye abagadli. Udlala ebhokisini lezitha, alinde ukugotshelwa ibhola ngoba muhle ekhanda. Sihlome ngezikhali ezingafani njengoba isizini isizoqala,” kubeka lomqeqeshi.
IBabina Noko izovula isizini neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ebusuku.