Ukuhamba kukaPitso Mosimane kwi-Al Ahly kuzozwela kakhulu kuPercy Tau, olethwe yilomqeqeshi eGibhithe ekuqaleni kwesizini ka-2021/22.
UTau ushiye kwiBrighton & Hove Albion ezojoyina uPitso kwi-Ahly kodwa ukushiya kwentandokazi yomqeqeshi wakhe nokwehlelwa yifomu kubukeka kuzomfakela amazinyo abushelelezi kwizikhulu zeqembu.
UTau noPitso babuya kude kakhulu. UPitso wabuyisa lomdlali kwiMamelodi Sundowns ngo-2016 esanda kumbolekisa kwiWitbank Black Aces. Ngawo lowonyaka, iSundowns yanqoba iCAF Champions League, uTau wadlala indima enkulu.
Eminyakeni emibili elandelile, uTau ujoyine iBrighton eNgilandi. Izinto azihambanga kahle kwiBrighton njengoba ehlale isizini eyodwa kuphela ngaphambi kokubuyela kuPitso ngoJanuary 2021.
Bekukindelwe ukuthi uLion of Judah adle abantu kwi-Al Ahly kodwa ukuhlushwa ukulimala nokwehlelwa ifomu kumphazamisile lomdlali. Uqale ukubuyela efomini kuma-semifinals eChampions League ezakhe zinenebula i-ES Setif ngo 4-0. UTau washaya amagoli amabili, wakhanda amanye amabili.
Lomdlali uphinde washaya udaka emdlalweni wamanqamu weCAF Champions League beshaywa osokhaya iWydad Casablanca.
Ikusasa lakhe seliqala ukungacaci njengoba sekuhambe uPitso. Kunedlanzana labalandeli nezinkakha zeqembu ezingamuzwa uTau obezitamuzela isikimu kusekhona uPitso. Lokhu bekudalwa ukuthi uTau ubehlalisa ebhentshini izethenjwa zaseGibhithe okukhona kuzo uTaher Mohamed, Salah Mohsen noHussein El Shahat.