UMengameli waMaZulu uSandile Zungu useqinisikise ukuthi iqembu lizokwenza izinguquko ezingqala njengoba kuzoqala isizini ka-2022/23.

Ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM ngoLwesithathu, uZungu udalule ukuthi bazochitha abadlali abangu-13. Uthe kukhona abafana nefenisha, abanye baphelelwa yizinkontileka.

Phakathi kwabadlali abaphelelwa yizinkontileka oSuthwini kukhona uLuvuyo Memela, Augustine Mulenga, Hendrick Ekstein, Tsepo Masilela, Veli Mothwa.

Akugcini lapho njengoba Usuthu luhlela ukukhulula iningi labadlali abalizwa ngendaba ijezi. Kubadlali abashaywe yijezi kulesizini kukhona uSiphelele Mthembu, Lehlogonolo Majoro, Abraham Majok, Andre de Jongh, Kgotso Moleko noPhilani Zulu.

UMengameli uphinde waqinisekisa ukuthi AmaZulu aseqedile ngesivumelwano sokusayinisa umgadli uGabadihno Mhango kwi-Orlando Pirates. Ube esedalula ukuthi uTapelo Xoki uya kwiBucs ngokwesivumelwano abanaso.

Khonamanjalo, kuphinde kwavela ukuthi uBrandon Truter usengumqeqeshi omusha woSuthu. Usayine inkontileka yeminyaka emibili.