Ukube ungumdlali wase-Africa uHarry Maguire ngabe sekuthiwa unomuthi onzima kulandela ukulimala kwesitobha esisha seManchester United kungakapheli ngisho inyanga esixwayise ngobunzima esisazobhekana nabo kuleli qembu.
UMaguire wamukele isitobha esisha se-United, uLeny Yoro ngamazwi anokugqugquzela nokwexwayisa, eveza ukuthi usazobhekana nengcindezi.
“Uwumdlali osemncane ngakho uzowenza amaphutha. Kuwumsebenzi wethu njengezitobha ezindala ukuthi simsize, sikhulume naye kahle, azi ukuthi kumele alindele ini emdlalweni,” kusho uMaguire.
“Kuzoba nezikhathi la azozwa sengathi umhlaba usemahlombe akhe, kuphinde kube khona isikhathi azozibona ewumdlali obadlula bonke emhlabeni. Iyonanto odlula kuyo uma udlalela leli qembu.”
Ngesonto eledlule uMaguire uveze ukuthi usayingxenye yezinhlelo ze-United ngesizini ezayo futhi akayi ndawo noma i-United isisayinise uYoro futhi kuvela nezindaba zokuthi ixoxa nomdlali weBayern Munich uMatthijs De Ligt.
Kuleli sonto i-United igqemeke ingozi engeqiwa ntwala kuvela izindaba zokuthi uYoro uzohlala izinyanga ezintathu engalithinti ibhola kulandela ukulimala emdlalweni wobungani.
Ukulimala kukaYoro kuzobuyisela i-United emuva njengoba ibifuna ukuqala isizini ngodonga lwasemuva oluhlukile.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini edlule ukulimala kukaRafael Varane noLisandro Martinez kushiye i-United intekenteke emuva njengoba bekudlala uMaguire no-Evans kweminye imidlalo.