USihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi uthi ukutholakala kwabaxhasi beligi abasha kuyijoka elingeke limsinde uDr Irvin Khoza onguSihlalo wePremier Soccer League (PSL).
Izinto zimapeketwane kwiPSL kulandela ukuhoxa kwenkampani iDStv ebixhase iligi njengoba ibiyaziwa ngeleDStv Premiership.
AbeDSTV bahoxa nje bebesalelwe unyaka owodwa kwisivumelwano nePSL. Kuvela ukuthi inkampani yokugembula iBetway iyona ezovala isikhala esishiywe iDStv.
USukazi uthi umdonsiswano wabaxhasi uwubone usugcwele kwabezindaba.
“Ngibeke ithemba esigungwini esiphethe iligi. Ngiyamthemba uSihlalo wethu (Dr Irvin Khoza). Wenze umsebenzi oncomekayo eminyakeni eyedlule.
“Kuningi okumangazayo okwenziwe uSihlalo. IPSL isezandleni eziphephile, lokho ngizokuqinisekisa. Isimo esikhona sizolungiseka, imidlalo yeligi izoqhubeka nangesizini ezayo.
“Angeke ngingabaze amagalelo kaSihlalo, iligi yethu izolokhu iseqophelweni eliphezulu. Kufanele sinikeze isigungu isikhathi sokulungisa izinkinga ezikhona.
“Isigungu sizokwazi ukulungisa izinkinga, kuqinisekiswe abaxhasi abasha uma kudingeka. Ngibona kufanele sinikeze isigungu isikhathi sokulungisa izinto.
Abantu bayathanda ukugxeka izinto ekubeni bengahlangene nazo,” kuchaza uSukazi ekhuluma nabezindaba.
IGalaxy imatasa nomqhudelwano weMpumalanga Premier’s International Cup njengoba isingathe iYoung Africans SC, Augsburg SC neMbabane Swallows.
IGalaxy ibambane neMbabane Swallows ngo 2-2 emdlalweni wesibili. Kowokuqala, i-Augsburg ishaye iYanga ngo 2-1 eMbombela Stadium.