Iphephandaba lase-Uruguay i-Encancha libika ukuthi iMamelodi Sundowns izikhuthuze amaphakethe yakhokha u-R51 million eqenjini likaMarcelo Allende.

Kuvela ukuthi lemali ekhokhwe iSundowns iyingqophamlando njengoba lingekho iqembu eselike lazikhuthuza ngalendlela uma lithenga umdlali oyedwa.

UMarcelo usayine inkontileka yeminyaka emithathu eChloorkop.

UMarcelo (23) ongowokudabuka eChile, uzohamba kungekudala kwiMontevideo City Torque edlala kwi-Uruguay Primera Division.

Ngokwemibiko yamaphephandaba eChile, uMarcelo uqoke ukusayina kwiSundowns ngoba ethanda imali kuphela.

Umbiko uveza ukuthi iDowns ikhokhe u-$3 million (R51,6 million) ngalomdlali.

Iziko labezindaba i-Encancha libike kanje:

“Ukuze ezothengwa eqenjini eliyingxenye leCity Football Group, iMamelodi Sundowns ikhokhe u-$3 million. Lemali ibibaluleke kakhulu kwiTorque, kwazise ithole lomdlali mahhala ngo-2020.

Ngemuva kokusayina kwiMagallanes, lomdlali wadedelwa, wagcina esayine mahhala eqenjini lase-Uruguay,” kubeka lombiko.

Imibiko evela e-Uruguay iveza ukuthi u-Allende uzoyiphinda kathathu imali abeyihola kwiTorque njengoba esezodlala eNingizimu Afrika.