Umdlali weSwallows FC uDillon Solomons ucashe ngesithupha ebuzwa ngekusasa lakhe njengoba ekhonjwa eNaturena ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo.
USolomons (23) ungomunye wabadlali abayizethenjwa kwiSwallows eqede isizini ibhuqabhuqwa yizembe.
IziNyoni zisinde ezembeni zinqoba kumaPlay-Offs maphakathi nesonto. ISwallows ishaye AmaTuks ngo 1-0.
Yize imenenja yakhe iveze ukuthi ugaqelwe amaqembu amahlanu, uSolomons unqabile ukukhuluma kakhulu ngekusasa, wathi uzodla amathambo engqondo uma esehlangene nomndeni wakhe eKapa.
“Ucingo lwami lukhala njalo kodwa umsebenzi wemenenja yami lowo. Uyena ogade izinto zami, mina ngizobuyela ekhaya ngihlabe ikhefu elide. Imenenja iyona ezonakekela izinto zami,” kubeka uSolomons ecashunwa abeDiski Times.
Umdlali osemkantshubomvu kwiPSL uMusa Nyatama ucebise uSolomons ngokuqhubeka nokuzikhandla uma efuna ukuya phambili ebholeni.
“Ngifisa aqhubeke nokuzithoba, asebenze kanzima njengoba enzile kulesizini. Okuhle ngaye ukuthi uyakwazi ukudlala ezindaweni eziningi, uyibamba emuva kwesokudla, kwesokunxele nasezimpondweni. Ngizomcebisa ngokuthi azimisele, asebenze ngokuzikhandla.
Ngiyazi usejwayele empilweni ukubhekana nabalandeli eKapa naseGoli. Kufanele aphile ngokuzithoba, angazi uzosayina kuliphi iqembu,” kubeka uNyatama.