Umqeqeshi we-Arsenal uMikel Arteta usole unompempe uPaul Tierney ngokubadlisela emdlalweni we-English Premier bebhekene nezimbangi ezinkulu iTottenham Hotspurs izolo ebusuku.
I-Arsenal inenebulwe ngo 3-0 eTottenham Stadium, yalahlekelwa ithuba lokungena kwi-UEFA Champions kusasele imidlalo emibili.
UHarry Kane uvalele enethini iphenathi evulele ISpurs amasango. Isitobha seGunners uRob Holding uyena odale iphenathi evimba uSon Heung-Min. UHolding uphinde waganga emuva, unompempe uTierney wamkhipha ngekhadi elibomvu kulokhu.
UTierney neVAR bayeke ukuhlola isigameko sikaSon oxhife ngendololwane uHolding kodwa abakaze benanaze sekufanele kukhishwa ikhadi elibomvu. Uqale lapho ukucasuka u-Arteta.
“Uma ngingakhuluma imicabango yami, ngizomiswa izinyanga eziyisithupha. Angifuni ukuqamba amanga kodwa angeke ngikhulume okuningi. Angeke ngikhulume imicabango yami. Ngifuna onompempe beze kwi-camera bachaze ngezinqumo abazithathayo. Kuyaphoxa kakhulu ngoba bamoshe umdlalo.
Ngijabule ngabadlali bami futhi ngiyaziqhenya ngabo. Isinqumo sithathiwe angeke sikushintshe lokho. Vele unompempe kufanele athathe izinqumo,” kubeka lomqeqeshi esekhuluma nabeSky Sports.
Lomphumela unciphise igebe lombango weChampions League ngephuzu elilodwa njengoba sekusele imidlalo emibili kugoqwe isizini.
U-Arteta uthi sebezolungiselela umdlalo weNewcastle.
“Sizolungiselela iNewcastle. Umdlalo usudlulile manje. Sihlulekile, kufanele sikwamukele lokho. Kufanele siqale phansi. Kubuhlungu ukuhlulwa ngalendlela, kusiphatha kabi. Sinomdlalo omkhulu ngoMsombuluko (Newcastle), sizozama ukuyishaya.
Sinemidlalo emibili esizoyidlala. Konke kulele kithi manje, sihlalelwe ukwenza umsebenzi,” kusho u-Arteta.