Umqeqeshi we-Atletico Madrid uDiego Simeone ubonge abadlali bakhe beshaya i-Elche ngo 2-0 kwiLa Liga izolo ebusuku.

USimeone ubehleli ebhentshini emdlalweni ka-400 selokhu aqokwa njengomqeqeshi. Lomphumela ufake i-Atletico kwi-UEFA Champions League ngesizini ezayo, kwavuleka negebe lamaphuzu ayisithupha kwiReal Betis ehleli endaweni yesihlanu kwiligi.

Eminyakeni engu-11 ehlalwe uSimeone eqenjini, i-Atletico ibanga ukukhonya nezinkunzi iBarcelona neReal Madrid. Usenqobe iLa Liga, Europa League ne-UEFA Super Cup amahlandla amabili, kanye neCopa del Rey kanye.

Lomqeqeshi uzithobile ekupheleni komdlalo, wabonga ukwesekwa yiqembu.

“Isikhathi esibalulekile lesi ngenxa yabadlali abayingxenye yeqembu nalabo abangasekho. Ngiyabonga ngokwesekwa yiqembu. Kukhona ukungaphumeleli kwezinhloso zami kodwa ngibonga abadlali ngokunginikeza ithuba lokuhola iqembu.

Ngiyababongela abadlali, lesizini ibihlukile kakhulu. Sidlale kahle kwiChampions League neLa Laiga kodwa asikwazanga ukubamba umgqigqo. Sesifikile kwiChampions League, sisebenzise kakhulu. Kubalulekile ukudlala kwiChampions League,” kubeka lomqeqeshi esekhuluma nabezindaba.

Kubheda kakhulu kwi-Atletico evuza ngisho emuva. Isidedele amagoli angu-41 kwiligi, okuyinto engajwayelekile selokhu kwaqashwa uSimeone ngo-2011.

USimeone uthe ukubhacaza kwabo emuva kudalwe ukusebenzisa kwakhe abagadli abaningi esikimini.

“Kuhle uma abadlali bexabana ngoba kuchaza ukuthi basemdlalweni. Ngiyathanda uma bethethisana. Sishaye amagoli amaningi kulonyaka uma ubheka amanye amasizini ngikhona. Nezitha sezishaye inqwaba yamagoli kithi.

Kunzima ukuhlanganisa iqembu eliqinile yonke indawo. USavic noGimenez bebelimele. Kusize uReinildo osebenza ngokuzikhandla nokuzithoba. Sishaye inqwaba yamagoli kulesizini,” kuchaza uSimeone.