Intatheli Yezemidlalo 

Isitobha seLamontville Golden Arrows uNkosinathi Sibisi ukholelwa ekutheni usanethuba lokuyogijima phesheya kwezilwandle uma esuka kuBafana Bes’thende. 
USibisi, odabuka eMphophomeni, ungomunye wabadlali abamqoka kwi-Arrows ehleli endaweni kwiDSTV Premiership. 

Lomdlali uthi Ufisa ukugijima kwiCAF ngaphambi kokuthola amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle. Uthi kwakuyiphupho lakhe esemncane ukuthi ayodlala phesheya kwezilwandle. 

“Ngisemncane, ngangikholwa ukuthi ngizodlala phesheya. Bonke abantu engakhula nabo bayazi ukuthi ngifisa ukuyodlala phesheya. Ngijwayele ukubuka uhambo lukaPercy Tau, ngibone ukuthi izinto ziyenzeka uma uzosebenza ngokuzikhandla futhi uziphathe kahle. UTau sadlala naye kuMultiChoice Diski Challenge, manje use-Europe,” kubeka uSibisi ecashunwa yiNew Frame. 

Lomdlali ube eseveza ukuthi ithalente emakhaya KwaZulu-Natal alibhekwa. 

“Liningi ithalente lapho engisuka khona kodwa abantu abaningi abafinyeleli ezingeni elikhokhelayo ngenxa yokuthi ababonwa. Ngaba nenhlanhla yokufudukela eThekwini, ngayofunda eMangosuthu University of Technology. Ngadlalela iqembu lenyuvesi, ngabe sengiyozama inhlanhla kwiGolden Arrows eyayisingathe inhlolokhono. 
Ngabhekwa umqeqeshi we DC uVusi Vilakazi. Ngidlale amasizini amathathu kuMDC, nokuyilapho nginyukelwe ukuzethemba, ngakwazi ukudlala ibhola emuva,” kuchaza uSibisi.