Umdlali we-Orlando Pirates uBandile Shandu uthi abadingi ukuqgquzelwa njengoba bezodlala kowamanqamu weCAF Confederations Cup ngoLwesihlanu.
IBucs izobhekana neRS Berkane kowamanqamu e-Uyo, eNigeria. IBerkane yanqoba iConfed Cup ngesizini ka-2019/20.
UShandu (27) oyinsika yeBucs kusukela ayijoyina ekuqaleni kwesizini esuka kwiMaritzburg, ungomunye wabadlali abathenjiwe kulomdlalo njengoba enamagoli amane kulomqhudelwano.
Lomdlali oyibamba kwesokudla emuva, uthi ukudlala kowamanqamu kukodwa kuzoyigqugquzela iPirates kulomdlalo.
“Umdlalo wamanqamu uyaphoqa ukuthi uzimisele ukudlula eminye imidlalo. Kufanele ube sefomini enhle, uzikhandle enkundleni. Ukudlala kowamanqamu kuyajabulisa, indlela ebheke kulomdlalo iyakhombisa ukuthi mkhulu kanjani lomdlalo.
Kuyinto enkulu, futhi ngiyajabula ngokuba yingxenye yaleliqembu. Siwubheke ngabomvu umdlalo wamanqamu. Ngifuna ukubonga ozakwethu nethimba labaqeqeshi ngokungisiza ngijwayele ngokushesha eqenjini,” kusho uShandu.
UShandu uthi akanayo inkinga noma engadlaliswa kuyiphi indawo ekhethwa umqeqeshi.
“Ngikulungele ukudlala noma yikuphi lapho engidingeka khona, iqembu elibalulekile. Ngizodlala noma ikuphi lapho ngokhonjwa khona. Kuhlukile uma udlala kwiligi ngoba siyakwazi amaqembu, sibhekana nawo njalo. Kungenzeka ukuthi amanye amaqembu ayasifunda kulomqhudelwano kodwa siyaqinisekisa ukuthi silungisa amaphutha ethu,” kusho uShandu.
UShandu ungomunye wabadlali abathathu abanamagoli amane kulomqhudelwano.
“Ngibonga ozakwethu ngefomu yami kulomqhudelwano. Bangamukele ngezandla ezimhlophe eqenjini, manje sekuvele amagalelo ami. Akukho okudlula ukusebenza ngokuzikhandla. Kufanele sizilungiselele ngokwanele, sizikhandle emdlalweni ukuze sizodlulela phambili.
Kuyinto enkulu ukuhlonishwa, iPirates ingikhulisile kakhulu. Ngiyabonga eqenjini ngokunginyusela izinga.
IPirates iyiqembu elifuna ukuwina, kufanele ukujwayela lokho. Ngabona ngifika ukuthi bafuna izindebe eqenjini. Abadlali nabalandeli bafuna lokho,” kubeka uShandu.