UKgaogelo Sekgota, ongomunye wabadlali abasha kwiMagesi, ubonga uyanconcoza ngethuba alinikezwe yileliqembu elizobe ligijima okokuqala kwiBetway Premiership. 

USekgota, oseke wadlala kwiKaizer Chiefs neMoroka Swallows, ukhonjwe indlela kwiStellenbosch maphakathi nesizini ka-2023/24

IMagesi imemezele abanye abadlali okukhona kubo uWonderboy Makhubu, Jacob Everson, Gift Motupa, Tshepo Kakora, Limbikani Mzava, Sello Motsepe, Maloisane Mokhele, Delano Abrahams, Menzi Ndwandwe noLebogang Mabotja ngoLwesihlanu.

“Ukusayina kwiMagesi kuyisibusiso. Ngiyabonga emndenini wami nakubalandeli ngokukholelwa kimi. Ngiyalibonga lelithuba.

“Ngiyabonga kuSihlalo nakumqeqeshi ngokunginikeza lengqayizivele yethuba. Ngafonelwa imenenja yami, ingichazela ngeqembu ngesikhathi ngisahleli ekhaya. Ngabona kuyiqembu elingifanele, ngijabule ngokuba kwiMagesi,” kuchaza uSekgotha ekhuluma nabezindaba.

USekgota (27) uthakasela kakhulu ukubuyela eLimpopo, okuyisifundazwe akhulela kuso. Ukholwa ukuthi ukusondelana nondenominational kuzobuyisa ifomu yakhe yakudala.

“Kuyangijabulisa ukubuya eduzane nasekhaya. Ngikhulele kuyona lendawo. Nginezihlobo nabangani abangajwayele ukungibukela ngidlala eduze. Ngizobakhombisa ibhola, ngibajabulise ngoba bebengakwazi ukungibukela,” kubeka uSekgota.

USekgota uphinde wagonyuluka ngokuhlala amasizini amabili kwiKaizer Chiefs eyagcina imchithile.

“Ngaphatheka kahle kwiChiefs. Inkinga ngangeqiwa yijezi kodwa angikhali ngesikhathi engasihlala eqenjini.

“Kudingeka uqine idolo uma ungumdlali. Kufanele uzifakele ingcindezi yokwenza kangcono noma izinto zingahambi kahle. Ngiyaluthakasela uhambo engiluthathayo neqembu lami elisha. 

“Kunezingqinamba okufanele udlule kuzo, uphume nezifundo. Angeke uliqagele ikusasa ebholeni,” kusho uSekgota.