USihlalo weMaritzburg United uFarouk Kadodia usekuqinisekisile ukuthi umdlali oyibamba enkabeni yesisu uPhumlani Ntshangase usendleleni ephumayo eMphithi.
Ekhuluma nabeSABC Sport, uKadodia udalule ukuthi uNtshangase usephelelwe yinkontileka kwiTeam of Choice, futhi angeke bayelule.
UNtshangase (27) uphelelwa yinkontileka ngomhlaka 30 kuJuni, usengaqala ukuthungatha iqembu elisha.
“Angeke siyelule inkontileka yakhe. Akazange adlale imidlalo eminingi kulesizini. Ukukhuhla kwakhe ibhentshi bekuyinto abengeke ayishintshe naye. Simfisela izilokoho ezinhle,” kuchaza uKadodia.
Lomdlali obonakale amahlandla angu-15 kulesizini ngenxa yokuhlushwa ukulimala, usezobheka iqembu elisha. Kuvela ukuthi akhona amaqembu amfunayo eGauteng.