USihlalo weBaroka uKhirishi Mphahlele uncome umqeqeshi obambile uVincent Kobola ngomsebenzi wakhe, wadalula nokuthi usebeka kuyena amathemba lokuvika izembe.

UKobola ubambe izintambo kuKgoloko Thobejane, oshiye iqembu libambe amabhuleki emsileni weDSTV Premiership sekusele imidlalo emine kugoqwe isizini. UKobola useqeqeshe imidlalo emithathu, wanqoba kwemibili, wadlala owodwa ngokulingana.

Yize iBaroka isadonsa kanzima emsileni, amaphuzu ayisikhombisa abawaqoqile asebatakukile otakwini lokugawulwa yizembe kalula. Bayalingana neSwallows,ehleli kunombolo 15 ngamaphuzu angu-25, kanti neTS Galaxy ibashiya ngamaphuzu amabili kuphela.

Njengoba uKobola ekhiqiza imiphumela egculisayo, uMphahlele uyazisola ngokudonsa isikhathi eside engamqashi.

“Angeke ube nolwazi uma ungazami. Uyaqala ngqa ukuba umqeqeshi, akazange aqeqeshe ngaphambilini. Bekunzima ukuthi simethembe. Kusithathe isikhathi eside ukuthi simethembe,” kubeka uMphahlele ekhuluma nabezindaba.

IBaroka izogoqa iligi neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium kusasa ngehora lesithathu emini. IBaroka idinga amaphuzu amathathu noma idlale ngokulingana ukuze izovika izembe. UMphahlele uthi unethemba lokuthi iqembu ngeke livike izembe.

“Siyazethemba. UKobola usenyuse ukuzethemba kubadlali. Siyathemba sizodlala kahle. Kufanele sidlale kwiDSTV Premiership. Sinabaxhasi, abalandeli nomphakathi osinakile. Kufanele sibagqugquzele labantu,” kubeka uMphahlele.

UKobola uthi unethemba lokubuya namaphuzu agcwele eMphithi. Uthi usecabangela namatoho alabo abasebenzela iqembu.

“Mkhulu lomdlalo. Abadlali bajimile, nomuzwa ushintshile. Sinemidlalo emithathu singahlulwa, sekushintshe okuningi. Ngiyathemba sizobuya namaphuzu agcwele.

Ngikhathazekile nabantu abazophelelwa yimisebenzi ehhovisi, ikakhulukazi onogada, abadlali beDSTV Diski Challenge. Nginejoka lokubasindisa. Ngicabanga lokho,” kubeka uKobola.