Sanele Dlamini
ISIPHINDE yanyelwa yinyoni esandleni intokazi yaseThekwini eyadabula odistinction abawu-21 ngesikhathi iphothula iziqu zemfundo ephakeme eDurban University of Technology nyakenye. UCayle Zulu, esike sabhala ngaye ngasekuqaleni kwalo nyaka, usebalwa namalungu eGolden Key Society, okuyinhlangano ezimele eqhakambisa abafundi abahamba phambili ezikhungweni zemfundo ephakeme emhlabeni. Njengamanje le nhlangano inamalungu angaphezulu kuka-2 million emhlabeni.
Echaza ngokuba yingxenye yeGolden Key Society uMaZulu uthe kuzomvulela iminyango eminingi kwezemisebenzi.
“Kunamathuba emisebenzi ekhishwela abantu abakwiGolden Key. Akugcini ngemisebenzi kuphela kodwa uthola nezinye izinhlelo zokuzithuthukisa ngaphambi kokuthi uqale ukusebenza noma ususebenza. Ukuvela kwayo nje kwi-CV kusho lukhulu ngoba inhlangano ehlonishwayo umhlaba wonke ngokunjalo nakuleli. Ukuba yingxenye yayo kuyawakhuphula kancane amathuba akho uma uthungatha umsebenzi,” kuchaza uCayle.
Ukuze ungene kwiGolden Key uthe udinga ukuba yingxenye ka-15% wabafundi abahamba phambili eNyuvesi ofunda kuyo uma usuphothula iziqu zakho.
Le ntokazi ekhulele ePhoenix eThekwini nyakenye ihlabene ngendondo kumaYoung Achievers Awards nonyaka yafudukela eGauteng iyothungatha umsebenzi. UCayle uyazigqaja ngesinqumo sokuyofuna umsebenzi kulesi sifundazwe ngoba uwuzingele wawuthola.
“Ngasuka eThekwini ngingenawo umsebenzi ngahamba ngokukholwa. Kunzima ukufuna umsebenzi eNingizimu Afrika. Awukwazi ukubheka umsebenzi kuleli uma usafuna ukukhetha ukuthi uzosebenza kuphi…kumele uye la kukhona imisebenzi. Kwesinye isikhathi udinga ukuzibeka endaweni ozothola kuyo amathuba omsebenzi owufunayo, iGoli linginikeze lelo thuba ngalibamba ngazo zombili.”
Eshiya ulwazi kwabathungatha umsebenzi uthe abantu kumele bazinikele futhi bangazitheli ngabandayo uma kuqhamuka imisbenzi abangayifundelanga ngoba leyo msebenzi ingabavulela eminye iminyango.
Ngo-2019 uCayle usungule ibhizinisi lakhe iGlow Operations, okuyibhizinisi lezimpahla nezobuhle. Njemuntu obesaqala ibhizinisi lakhe, uCayle uthe imphazamisile kakhulu iCovid-19 nokuvalwa kwezwe. Uthe usakumisile ukusebenza kwebhizinisi lakhe njengenjwayelo kuze kube isimo siba ngcono ngoba njengamanje kunzima akufinyelela kumakhasimende akhe.