Umculi nombhali wezingoma uSamthing Soweto utshele abalandeli bakhe ukuthi abangakhathazeki ngoba akaguli emva kokuba ebonakale ehlile emzimbeni.

Lomculi ogama lakhe langempela uSamkelo Lelethu Mdolomba ufake i-video ekhasini lakhe lasenkundleni yokuxhumana Instagram echaza ngokuthi akaguli kodwa kukhona adlula kukona empilweni yakhe.

Abalandeli bakhe bake batshengisa ukukhathazeka ngalomculi owaduma ngengoma ethi Akanamali, ngenkathi efake isithombe kwi-Instagram ecela abalandeli bakhe ukuthi baphawule umsebenzi womuntu omgundile.

Kule video uqale wabonga abalandeli bakhe ngokumeseka nangemiyalezo abamthumelela yona ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngiyabonga ngothando nangokungeseka, loku kutshengisa ukuthi niyangikhathalela, kodwa angiguli. Kukhona engibhekene nako empilweni, okuyinto nani enidlula kuyo. Ngiyishintshile indlela engiphila ngayo nengidla ngayo, ingakho nginciphile emzimbeni. Ngiyabonga ngemiyalezo yenu namahlaya eningithumela yona konke kuzolunga,” kusho uSamthing Soweto. 

Uphinde wabonga abalandeli bakhe ngokumvikela kwi-internet.