Ithimba labaqeqeshi kwi-Orlando Pirates selikhiphe uhlu lwabadlali abazodedelwa nabazodayiswa uma kuphela lesizini.

Kukhona amagama amahlanu abehamba phambili kuloluhlu okunguBongani Sam, Gabadihno Mhango, Wayne Sandilands, Nkanyiso Zungu noTebogo Tlolane.

IBucs inezinhlelo zokuqinisa iqembu ngabanye abadlali, okuchaza ukuthi kufanele kudedelwe labo abasizwa ngendaba isikimu.

Kuvele negama likaCollins Makgaka ofike kwiBucs esuka kwiBaroka eminyakeni emibili eyedlule. Bekulindelwe okukhulu kuMakgaka kodwa izinto azimhambelanga kahle eMayfair.

UKwanda Mngonyama ungomunye ozodedelwa njengoba engaligculisanga ithimba labaqeqeshi selokhu afika kwiBucs ekuqaleni kwesizini.

Unozinti uSandilands usehlale amasizini amahlanu eMayfair kodwa isikhathi sesiyamphelela. Akadlalanga now odwa umdlalo kulesizini, kwazise uRichard Ofori uselenze elakho ijezi. Abaqeqeshi bancamela ukusebenzisa uSiyabonga Mpontshane uma u-Ofori elimele.

UZungu ungomunye wabadlali abafike nedumela kumaBhakabhaka kodwa izinto azihambanga ngendlela. Isikimu ubesithola kusekhona uJosef Zinnbauer kodwa ukufika kukaNcikazi kumbuyisela ebhentshini. Usabonakale kabili enkundleni kulesizini, kanti izinkinga empilweni yakhe yangasese zimkhiphe ujuqu ezinhlelweni zeqembu.

Ukusayinisa kukaBongani Sam owayesuka kwiBloemfontein Celtic kwajabulisa iningi labalandeli ababembona ezovala isikhala kwesokunxele emuva.

Uncintisane no-Innocent Maela, wagcina ehlulekile. Nezinkinga zokulimala ziphazamisile uSam obehlelelwa ukufakwa kwiBafana Bafana. Izinto sezimbhedela kakhulu manje njengoba esengemuva kukaPaseka Mako noMaela.

Indaba kaMhango iyimpicabadala. Kugqame imibiko ukuthi usefuna ukushiya kwiBucs kodwa imenenja yakhe uMike Makaab yadalula ukuthi lomdlali welule inkontileka eMayfair. Izinto azimhambeli kahle uMhango ingeke aliswele iqembu uma ehamba kwiBucs. USihlalo weBucs u-Irvin Khoza naye waqinisekisa ukuthi lomdlali uzodedelwa uma kune qembu elibeka imali ebonakalayo etafuleni.

Omunye umdlali osendleleni ehambayo uTlolane owagcina ukubonakala emidlalweni emithathu kusaqalwa yesizini. Wadlala koweMTN 8 nakwemibili yeligi. UTlolane washaya ingcwenga yebhola ebolekiswe kwiMaritzburg United kodwa akulungi kwiBucs.

Usedlale ngaphansi kwabaqeqeshi abane okunguMilutin Srefojevic, Josef Zinnbauer, Fadlu Davids noMandla Ncikazi kodwa ithuba aliveli. Abazazi kangcono izindaba zePirares bathi uzohamba.