I-Orlando Pirates ihlela ukudedela iningi labadlali abasizwa ngendaba isikimu kanye nalabo abahlulekile ukumelana nengcindezi yokudlalela iqembu.

Ngemuva kokudedelwe kukaThulani Hlatshwayo noGabadihno Mhango osejoyine AmaZulu, iSea Robbers ayenelisekile ngezinga labadlali beqembu, ikakhulukazi labo abayibamba emuva naphambili.

Kukhona abadlali abazophelelwa yizinkontileka ngomhlaka 30 Juni, okunguBongani Sam, Tebogo Tlolane noWayne Sandilands. IBucs isibatshelile labadlali ukuthi angeke babuye ngesizini ezayo.

UKwanda Mngonyana ungomunye wabadlali abazohamba kwiBucs esayinise izitobha ezimbili ngoMsombuluko. IBucs iqinkse udonga noTapelo Xoki noNkosinathi Sibisi. Yize inkontileka yakhe iphela ngonyaka ozayo, iqembu selimhlebelile ukuthi uzokhishwa.

Kunabadlali okungacaci ngabo njengoNkanyiso Zungu noTerrence Dzvukamanja abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni 2023. UDzvukamanja ungomunye wabadlali ozokhululwa kwiSea Robbers kwazise sekusayiniswe u-Eva Nga no-Azola Matrose.

USam ulizwa ngendaba ijezi selokhu afika kwiBucs, umataniswa neSuperSport United.

UTlolane bekulindelwe okukhulu kuyena kwazise wadlala ibhola elinenkosi phakathi kwiMaritzburg United, wagcina esebuyisiwe eqenjini. Isikimu ubesizwa ngendaba isizini yonke, izembe seliloliwe ngakuye.