UMohamed Salah useqinisikise ukuthi uzobe elihlikihla kwiLiverpool ngesizini ka-2022/23 kodwa uzakwabo uSadio Mane uthi uzocacisa ngekusasa lakhe uma sekuphele umdlalo wamanqamu we-UEFA Champions League ngoMgqibelo.
USalah noMane bazophelelwa yizinkontileka ngoJuni 2023, okuyisimo esesidonse izesheli ezifuna ukuhlwitha kwiLiverpool. USalah ulokhu emile ezwini lokuthi akahambi e-Anfield ngisho inkontileka yakhe iphela ngonyaka ozayo.
Lezihlabani zikhulume ngekusasa zibuzwa abezindaba ngaphambi komdlalo wamanqamu. Bobabili bazihlanganisa iminyaka engu-31 ngonyaka ka-2023.
USalah ubeke kanje:
“Angiyinakile inkontileka. Angifuni ukubukeka sengathi ngizicabangela mina. Ngishiko ezinyangeni ezimbili ezedlule ukuthi ngicabangela iqembu, lelisonto libalulekile kakhulu,” kubeka uSalah.
UMane uthe uzocacisa ngekusasa lakhe uma uma sebeqedile ngomdlalo wamanqamu.
“Nginake iqembu nokunqoba iChampions League. Ngifuna ukubona uHendo (Jordan Henderson) equkula indebe. Angifuni ukukhuluma ngenkontileka manje, ngizohlala ngesizini ezayo, lokho kucacile,” kubeka uMane.
Ngaphambilini, uSalah waveza ukuthi ukusayina inkontileka akubanjiwe indaba yemali.
UMane uphendule kanje ekhuluma nabeSky Sports.
“Umbuzo ngekusasa lami ngizowuphendula uma sekuphele umdlalo wamanqamu. Ukuthi ngiyahlala noma ngiyahamba ngizokucacisa uma sekuphele umdlalo wamanqamu,” kusho uMane.