Kube yisizini engagculisi kumgadli weMamelodi Sundowns uPavol Safranko oshaye ingcosana yamagoli kodwa uthi lisekhona ithuba lokuthola umthobanhliziyo.
Yize ephazanyiswe ukulimala, lomgadli waseSlovakia ushaye amagoli angu-9 emidlalweni engu-27 kuyona yonke imiqhudelwano kulesizini. Uthi unesifiso sokushaya amanye amagoli emidlalweni emini esele abaziyodlala neMarumo Gallants neRoyal AM.
IDowns izovakashela iThwihli Thwahla eChartsworth Stadium ngoMgqibelo emdlalweni wokugcina weDSTV Premiership. Izolandela ngomdlalo wamanqamu weNedbank Cup ngempelasonto elandelayo ozobanjelwa eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg.
Uma iSundowns inqoba kwiGallants, izoqopha umlando wayo wokuqukula izindebe ezintathu ngesizini eyodwa.
“Kuzoba nzima ukudlala neRoyal AM kodwa kuyinto eseqenjini ukunqoba imidlalo, sizokwenza konke okusemandleni. Ngasayina kwiSundowns ngoba ngizoshaya amagoli, ngifuna ukushaya igoli kulomdlalo,” kubeka lomgadli obecashunwa i-website yeqembu.
IRoyal AM isembangweni wokuqeda endaweni yesibili kwiligi ukuze izongena kwiCAF Champions League ngesizini. Ilandelwa iKaizer Chiefs neCape Town City engagayelwa mphako kulesizini.
USafranko uthi ulindele ukubona IRoyal AM ihlasela zibekwa.
“Sizodlala neqembu elinzima uma ubhekene nalo. Udonga lweRoyal AM luqinile, banamandla benjalo. Kwakunzkma ngisho emdlalweni weNedbank sidlala nayo. Kufanele sizlungiselele ukuze sizokwazi ukubashaya,” kubeka uSafranko.