Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena usephawulile odabeni lukaSipho Mbule osayine kwiMamelodi Sundowns esuka komakhelwane iSuperSport United.

Yize iSundowns igxekwa ngokusayinisa uMbule ngoba iphethe abanye abadlali basesiswini abasezingeni kodwa abakhuhla ibhentshi, uRulani uthi bakhangwe ithalente lalomdlali.

URulani uthi bazoqinisekisa ukuthi uMbule uyishiya emuva impilo yobumnandi ebimphazamisa kuMatsatsantsa.

“Angeke ulingabaze ithalente, liyabonakala kalula. Maningi amaqembu abemgaqele ngesikhathi esedayiswa emakethe. Abadlali abafana noMbule bayizinsika zeqembu lesizwe, singabaqeqeshi sinejoka lokusiza abadlali ngokukhulisa ibhola labo.

Kuyenzeka umdlali enze amaphutha. Uyabhekana nezinkinga kodwa kubalulekile ukuthi anakekele impilo yakhe ebholeni. Abadlali baseNingizimu Afrika bahlangabezana nalenkinga isikhathi esiningi.

Umdlali ufika ejimini amahora amabili, abuyele endlini eseyokwenza okungaqondene nebhola. Iqiniso ukuthi abadlali abasezingeni eliphezulu emhlabeni balungisa izimpilo zabo, hhayi ithalente,” kubeka uRulani obekhuluma nabeGagasi FM ngoMsombuluko.

Lomqeqeshi uthi abadlali kufanele banakekele izimpilo zabo kuqala, bangagcini ngokujima kuphela.

“Abadlali bakuleli banenkinga enkulu. Ibhola lifana nomsebenzi. Awugcini ngokudlala ibhola enkundleni kodwa uyazilungiselela ngokufika ejimini kusasele ihora kuqalwe ukusebenza.

Kufanele udle ngendlela enempilo, uphuze iziphuzo ezilungele umzimba, uthole nosizo emndenini nakubangani. Ukuze uzobona inqubekelaphambili empilweni yakho, qinisekisa ukuthi uyazinakekela isikhathi sisavuma. Kufanele sibakhuze abadlali ngoba impilo yebhola imfishane.

Kuyijoka lethu ukusiza abadlali ngokubona amaphutha abawenzayo, sizokwenza okufanayo kuSipho. Unethalente elihle futhi usethubeni lokudlalela iqembu lesizwe, lokho kusuka emhliziyweni yami. Kufanele siqine ngabadlali beBafana Bafana uma sifuna ukuncintisana namaqembu amakhulu emhlabeni,” kusho uRulani.