Umqeqeshi omusha weWydad Athletic Club uRulani Mokwena ulokhu ekuputshuza kancane kancane okumxoshe kwiMamelodi Sundowns.

Ngesikhathi iSundowns noRulani bedingida udaba lwesehlukaniso, kwagqama ukuthi lomqeqeshi wayengaboni ngasolinye nosomaqhinga weqembu uFlemming Berg. 

Kwabikwa ukuthi Berg wayegxambukela uma kuqokwa isikimu futhi ethanda nokubeka umbono ngabadlali abasayiniswayo.

Ekhuluma noThabo Mosia emsakazweni iRadio 2000, uRulani uthe abaqeqeshi banezwi lokugcina ukudlula osomaqhinga. 

“Kunzima ukubalekela izimo uma ungumqeqeshi. Lokho kuyenzeka ebholeni. Umqeqeshi uyena obhekana nemibuzo ngemiphumela noma uma iqembu lihluleka ukuwina imidlalo. 

“UMengameli weWydad ungitshelile ukuthi basaxoxisana nosomaqhinga abathathu. Unginikeze igunya lokubahlaba ngemibuzo, ngiphinde ngizikhombele engimthandayo. Anginaye usomaqhinga okwamanje. Usomaqhinga ozosayina uzobe ekhonjwe yimina uqobo,” kubeka uRulani.

Kuvela ukuthi uBerg wagxambukela efaka umbono ngesikimu esadlala ne-Esperance emlenzeni wesibili wesemifinal yeCAF Champions League. Eminye imibiko yayiveza ukuthi losomaqhinga wayengafuni kusayiniswe uThembinkosi Lorch kwi-Orlando Pirates ngoJanuary. 

“Nginikezwe ilungelo lokuzikhethela usomaqhinga. Ngicabanga ukuthi usomaqhinga kufanele asebenze ngokusondelana nomqeqeshi noma athathe imiyalelo kumqeqeshi. Akwenzeki ukuthi usomaqhinga abe nezwi elidlula elikamqeqeshi.

“Ukuhamba kwiSundowns akungithusanga ngoba bengizibona izimpawu. Ngiyaqonda ukuthi abaqeqeshi bayashiya uma sekufike isikhathi. Ngiyabonga konke engikwenzelwe yiSundowns. 

“Ngachaza esithangamini sabezindaba ukuthi bengingeke ngiqashwe yiqembu lesibili elikhulu e-Africa ngaphandle kokuthola ukwesekwa uDr Irvin Khoza kwiPirates noDr Patrice Motsepe kwiSundowns,” kubeka uRulani.