Umgadli uCristiano Ronaldo usehlabe ikhwelo kwizikhulu zeManchester United ecela ukuthi umqeqeshi omusha u-Erik Ten Haag anikezwe isikhathi sokubumba iqembu ngendlela yakhe.
Kulindelwe lukhulu kuTen Haag ozovala isikhala sikaRalf Rangnick ekuqaleni kwesizini ezayo. Lomqeqeshi uvale isikhathi sakhe kwi-AFC Ajax ngokunqoba iligi ihlandla lesithathu.
Yize kubikwa ukuthi uMauricio Pochettino noJulen Lopetegui bebezimisele ngokuqeqesha e-Old Trafford, izikhulu zeqembu ziqoke ukubhejela uTen Haag.
URonaldo ungomunye wabadlali okubukeka bezoba yingxenye yeqembu elizobunjwa uTen Haag njengoba eseshaye amagoli angu-24 kulesizini.
Usecele ukuthi izikhulu zimnikeze isikhathi sokubumba iqembu ngendlela athanda ngayo.
“Ngiyazi ngomsebenzi oncomekayo awenze kwi-Ajax, unesipiliyoni. Kufanele simnikeze isikhathi sokwenza izinguquko azifunayo. Ngifisa siphumelele ukuze kuzojabula nabalandeli. Ngimfisela okuhle kodwa,” kusho uRonaldo.
URonaldo uthi ukuqashwa kukaTen Haag kufanele kubuyise ithemba eqenjini.
I-United ibhacazile kulesizini njengoba uphuthelwe yithuba lokungena kwiChampions League, yaphinde yaqeda kwisizini yesihlanu kulandelana ingaqukulanga neyodwa inkomishi.
“Sijabule kakhulu singabadlali, nabalandeli bamlindele ngabomvu. Ngimfisela okuhle kodwa, asiqale ukukholwa ukuthi sizonqoba izindebe ngesizini ezayo,” kubeka uRonaldo.