Umqeqeshi ocija abagadli kwiManchester United uBenni McCarthy usezakhele ugazi kubadlali beqembu asebemcele ukuthi abacije ukukhahlela ngobunyonico uma kuphela ijimu.

UBenni uqashelwe khona ukuzocija abagadli, ukuhlasela nokuzicupha ezindaweni eziyingozi.

Ngokombiko wephephandaba laseNgilandi iDaily Mail, uBenni usala ngemuva uma sekuphele ijimu ukuze ezosiza abadlali.

UBruno Fernandes uyena oqale ngokucela ukucijwa kodwa sekungene noCristiano Ronaldo nabanye abadlali.

Yize uBenni eseqalile ukucika abagadli, kubukeka izinto zisabheda njengoba iMan Utd ihluleke yancama ukushaya igoli izolo. Kusize umkhonto ogwaze ekhaya kaMacAllister beshaywa iBrighton & Hove Albion ngo 2-1.