Usejoyine iMamelodi Sundowns njengelinye lamaphini umqeqeshi owashaya udaka kuMaZulu FC uRomain ‘Fohloza’ Folz.

Ngokombiko we-iDiski Times, iSundowns izoqinisekisa uFolz njengelinye lamaphini, okusho ukuthi useyingxenye yetechnical team ephethe uManqoba Mngqithi noSteve Komphela.

Ngaphambi kokuqeqesha kuMaZulu, uFolz ubewumqeqeshi weMarumo Gallants nakuyo angenzanga kahle kakhulu kuyo.

Ngemuva kokuphelelwa wumsebenzi eThekwini uFolz uke wazama kwiHoroya kodwa uhlale isikhashana. Ngaphambi kokuqashwa yiSundowns ubesesebenza njengePerfomance Manager kwaFIFA Technical Group, ngaphansi kuka-Arsene Wenger.

Lo mqeqeshi uzokhuza ibuya kuleli efuna ukugeza igama lakhe njengoba axoshwa kuMaZulu ngemuva kwemidlalo ewu-19.