Umdlali oyibamba esiswini kwiManchester City neSpain, uRodri, uthi usazokudlela amathambo engqondo ukujoyina iReal Madrid kodwa okwamanje usajabule e-England.

Ngesonto eledlule umdlali weReal Madrid uDani Carvajal iveze ukuthi uzama ukumletha kwiLos Blancos uRodri, ongomunye wabadlali abalulekile eqenjini likaPep Guardiola.

URodri usaqhubeka nokudlala ingcwenga yebhola kwi-Euro 24, futhi unerekhodi elinzima lemidlalo ewu-23 ilandelana engashayiwe. Namhlanje ezakhe zizobhekana ne-England kowamanqamu we-EURO 24.

Ekhuluma ngokushelwa wuzakwabo ukuthi ajoyine iReal Madrid ubeke kanjena: “Ngidlalela elinye lamaqembu amakhulu emhlabeni futhi ngijabule e-England.

“Ngisalelwe yiminyaka emithathu kwinkontileka yami. Uma sekufike isikhathi ngizobona…angikuthandi ukucabanga ngento esakude.”