Ngemuva kokunqumela i-Orlando Pirates ugwayi katiki odabeni lukaMonnapule Saleng umethuli wezinhlelo ohlonishwayo kuleli uRobert Marawa useyivezile inkinga yalo mdlali kweZimnyama.

Kuzokhumbuleka ukuthi uRob ubhale ekhasini lakhe ku-X kuleli sonto eveza ukuthi useyasazi isizathu sokweqiwa yijezi kukaSaleng kodwa uzonikeza iqembu amahora awu-48 ukuthi likhulume nabalandeli balo licacisa ukuthi kwenzenjani.

IPirates igcine imzibile, wadedela udaba ngoLwesithathu ekuseni ngaphandle kokuveza imininingwane egcwele.

“Akaneme ngendlela aphethwe ngayo, nangokungagcinwa kokubekwe kwinkontileka yakhe. Kunomdonsiswano onzima okungaziwa uzophela nini. Wudaba oluqhubekayo oluxuba okuningi okunye kwakho yizinto zangesese okumele zilungiswe.

“Kuningi okuthinta lolu daba, okuningi kwakho yizinto ezizothinta ezomthetho. Angihlosile ukucekela phansi isithunzi somdlali….ngethembeni, nizokwazi maduze.”

Bephendula umbhalo kaRob, abanye abalandeli bakhe bathe naye usaziqhubela amahlebezi nje akazi lutho ngesimo sikaSaleng kwiBucs.

Empeleni, sekunesikhathi kusolwa ukuthi uSaleng akaneme ngenkontileka yakhe kwiBucs okusho ukuthi akukho okusha okuvezwe wuRob.

Uveza lokhu nje uMicky Jnr ngeSonto naye uthe indaba ikwinkontileka, uSaleng akaneme ngemali ayiholayo nokungagcinwa kwezethembiso zokuyikhuphula.