Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro ulindele iphinde ibashubisele iSuperSport United abazobhekana nayo koweMTN8 namhlanje.
ISuperSport icoshe amaphuzu amane emidlalweni emibili ibhekene neBucs ngesizini ka-2023/24.
“ISuperSport iyiqembu elinzima uma udlala nalo. Sihlulekile ukubashaya emidlalweni emibili ngesizini edlule. Basishaya sidlala ePolokwane, sakwazi ukuthola iphuzu e-Orlando sekugoqwa isizini. Ngilindele umdlalo onzima kodwa nathi sifuna ukudlulela phambili,” kubeka uRiveiro ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kwethulwa iMTN8 e-Auckland Park ngoLwesithathu.
“Ngiwumqeqeshi we-Orlando Pirates, kuzohlezi kulindelwe ukuthi senze kangcono njalo ngesizini, akubalulekile ukuthi siwine izindebe ezingaki kumasizini adlule. Kufuneka silwele zonke izindebe ezikhona,” kusho uRiveiro.
URiveiro uthi abadlali sebewucijele ngokwanele lomdlalo yize bengakafinyeleli ezingeni abalifunayo.
“Ngicabanga ukuthi iqembu liqhuba kahle, sifuna ukudlulela kuma-semifinals eMTN8 ngokushaya iSuperSport. Sithole isikhathi esincane sokulungiselela isizini, sixinwe yimidlalo eminingi sibhekene namaqembu aqinile.
“Sihambele kwelinye izwe amasonto amabili, sakwazi ukubona ukuthi iqembu selikuphi ngokwezinga. Ngigculisekile ngezinto eziningi. Akekho umdlali osefinyelele ezingeni eliphezulu njengoba isaqala isizini. Bonke abadlali basazama ukubuyisa izinga, lomqhudelwano uyasiphoqa ukuthi sizikhandle ejimini ukuze sizoqala kahle,” kubeka uRiveiro.